Usesintshelwe ohlelweni lwasekuseni uXolani Gwala ongumsakazi weTalk radio okungumsakazo owaziwa ngezinhlelo zezingxoxo. OkaMphephethwa ubevele esebenza kuwo lo msakazo enza uhlelo lwantambama obelwaziwa ngokuthi yi-Afrternoon Drive with Xolani Gwala. Lezi zinguquko zenzeka nje kulandela ukuthatha umhlalaphansi kukaJohn Robbie obekunguyena oshayela lolu hlelo njalo ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu kusuka ngehora lesi-6 kuya kwelesi-9 ekuseni. Lo msakazi ongowokuzalwa eMpendle esifundazweni iKwaZulu-Natali ungumsakazi osemnkantsh’ ubomvu impela njengoba eseminyaka ebalelwa kweyi-20 ekulo mkhakha wezokusakaza. Uke wasakazi waphinde wethula izinhlelo ezinohlonze esingabala kuzo uhlelo lwezingxoxo lakwaSABC 1 olalwaziwa ngokuthi yi-Asikhulume/Let’s talk, PM Live talk show emsakazweni iSA FM kantu futhi uke waba umfundi wezindaba oKhozini FM. Lezi zindaba ziza nje besekuqalile ukuphikisana kubalaleli balo msakazo ngokuthi ngubani ozoshayela lolu hlelo lwasekuseni. Kukhona abanye abebethwele ngeqoma uStephen Grootes ekutheni kube nguye oqhubeka nokushayela lolu hlelo njengoba eke wathi ukubamba isintambo kancane ngesikhathi uJohn esesekhefini. Ngemuva kokuzwa lezi zindaba, abalaleli balo msakazo bebebhala bebhalile ezinkundleni zokuxhumana behalalisela le nsizwa yaseMpendle esizakhele ugazi ngokuba umethuli wezindaba onohlonze. Okumenza abe nogazi kangaka indlela akwazi ngayo ukubuza imibuzo kulabo abasuke bemenyelwe ezinhlelweni zakhe. Lolu guquko akulona lodwa oluzobonakala kulo msakazo. Ziningi nezinye izinhlelo ezishintshe abasakazi njengoba u-Eusebius McKaiser obebambele uRedi Tlhabi ohlelweni olungena ngo-9 kuya ku-12 emini esezolushayela loluhlelo ngokugcwele. URedi obesekhefini ngemuva kokubeletha (maternity leave) yena usezongena esikhaleni sikaXolani Gwala ohlelweni lwantambama. Nakhu okunye ongakuthokozela ukukwazi ngo Xolani Gwala Wazalwa mhla zingama-25 kuJune ngonyaka we-1975 endaweni Yasempendle ngaphandle kancane kwaseMgungundlovu. Waphothula umatikuletsheni eSt Marys Secondary school. Wafundela iziqu ze-Public Relations Management eNatal Technikon (esiyaziwa ngokuthi iDurban University of Technology. Nguye omdala kwabo kanti onabafowabo abathathu nodadewabo oyedwa.
Written by UMshumayeli from the blog Usezozwakala ekuseni uXolani Gwala on 23 Dec 2016 Favourite this post
Only TVSA members can reply to this thread. Click here to login or register.
New on TV today: Sunday 23 August 2006
Winner takes all: The Silwerskerm Awards air on kykNET with the 19th SA Sport Awards on SABC1. Includes noms for both.
New on TV today: Saturday 22 August 2026
The 2026 National Arts and Culture Awards air on SABC1 and M-Net profiles The ABC Killer. Includes nominees.
Advocate Anjali Teasers - September 2026
Hospitals can be harrowingly dark - because of the cruelty of evil souls. Anjali uncovers the hospital's wicked truth.
On Carte Blanche: South African karate gets a kick in the pants
The World Karate Federation's had to intervene because the situation's so dire.
Uzalo Teasers - September 2026
One decision. One handful of pills. Suddenly, every second counts. What happened at the Mhlongo house refuses to stay buried.
New on TV today: Friday 21 August 2026
BBC Earth takes you to Secret Africa: Into the Wild and Discovery follows Mighty Truckers.
Love's Complicated Teasers - September 2026
Eating too many sugary foods sets off strange behaviour and the expression of hidden anger.
Isitha: The Enemy Teasers - September 2026
Mapholoba takes Chuma's family hostage, forcing him to choose between OJ and his loved ones.
The Braveheart Teasers - September 2026
Meher must forge a new identity in Serbia after a shocking revelation.
New on TV today: Thursday 20 August 2026
Epic wildlife series LION roars onto Disney+ and BBC Lifestyle invites you to Supercruising: Life at Sea.
More activity at TVSA Central
You browser doesn't have Flash, Silverlight, Gears, BrowserPlus or HTML5 support.