SOUTH AFRICA'S TV WEBSITE
SIGN IN SEARCH MENU
SOUTH AFRICA'S TV WEBSITE



Usesintshelwe ohlelweni lwasekuseni uXolani Gwala ongumsakazi weTalk radio okungumsakazo owaziwa ngezinhlelo zezingxoxo. OkaMphephethwa ubevele esebenza kuwo lo msakazo enza uhlelo lwantambama obelwaziwa ngokuthi yi-Afrternoon Drive with Xolani Gwala. Lezi zinguquko zenzeka nje kulandela ukuthatha umhlalaphansi kukaJohn Robbie obekunguyena oshayela lolu hlelo njalo ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu kusuka ngehora lesi-6 kuya kwelesi-9 ekuseni.

Lo msakazi ongowokuzalwa eMpendle esifundazweni iKwaZulu-Natali ungumsakazi osemnkantsh’ ubomvu impela njengoba eseminyaka ebalelwa kweyi-20 ekulo mkhakha wezokusakaza. Uke wasakazi waphinde wethula izinhlelo ezinohlonze esingabala kuzo uhlelo lwezingxoxo lakwaSABC 1 olalwaziwa ngokuthi yi-Asikhulume/Let’s talk, PM Live talk show emsakazweni iSA FM kantu futhi uke waba umfundi wezindaba oKhozini FM.
Lezi zindaba ziza nje besekuqalile ukuphikisana kubalaleli balo msakazo ngokuthi ngubani ozoshayela lolu hlelo lwasekuseni. Kukhona abanye abebethwele ngeqoma uStephen Grootes ekutheni kube nguye oqhubeka nokushayela lolu hlelo njengoba eke wathi ukubamba isintambo kancane ngesikhathi uJohn esesekhefini. Ngemuva kokuzwa lezi zindaba, abalaleli balo msakazo bebebhala bebhalile ezinkundleni zokuxhumana behalalisela le nsizwa yaseMpendle esizakhele ugazi ngokuba umethuli wezindaba onohlonze. Okumenza abe nogazi kangaka indlela akwazi ngayo ukubuza imibuzo kulabo abasuke bemenyelwe ezinhlelweni zakhe.
Lolu guquko akulona lodwa oluzobonakala kulo msakazo. Ziningi nezinye izinhlelo ezishintshe abasakazi njengoba u-Eusebius McKaiser obebambele uRedi Tlhabi ohlelweni olungena ngo-9 kuya ku-12 emini esezolushayela loluhlelo ngokugcwele. URedi obesekhefini ngemuva kokubeletha (maternity leave) yena usezongena esikhaleni sikaXolani Gwala ohlelweni lwantambama.
Nakhu okunye ongakuthokozela ukukwazi ngo Xolani Gwala
  • Wazalwa mhla zingama-25 kuJune ngonyaka we-1975 endaweni Yasempendle ngaphandle kancane kwaseMgungundlovu.
  • Waphothula umatikuletsheni eSt Marys Secondary school.
  • Wafundela iziqu ze-Public Relations Management eNatal Technikon (esiyaziwa ngokuthi iDurban University of Technology.
  • Nguye omdala kwabo kanti onabafowabo abathathu nodadewabo oyedwa.

Written by UMshumayeli from the blog Usezozwakala ekuseni uXolani Gwala on 23 Dec 2016
Favourite this post





Comments


Only TVSA members can reply to this thread. Click here to login or register.






LATEST ARTICLES

New on TV today: Monday 18 August 2025

New novela Black Gold starts on BET and medical drama Watson is new on M-Net.


New on TV today: Sunday 17 August 2025

Reality show Kwanele Bazali begins on Mzansi Magic and Botched Presents: Plastic Surgery Rewind on E!.


New on TV today: Saturday 16 August 2025

Two wildlife docs air on Nat Geo Wild today: Dung Mafia and Heart of the Elephant.


On Carte Blanche: baking company accused of mixing toxic products and assault

Stir in sexual harassment and cook for an hour.


Saras & Kumud Teasers - September 2025

Saraswatichandra assaults Prashant but is knocked out by one of his men - and disappears.


New on TV today: Friday 15 August 2025

Slinky thriller Fatal Seduction returns for S2 on Netflix, as S3 gets into Sex, Knives & Liposuction.


Soulmates Teasers - September 2025

Sachin is heartbroken when Sayali and Paresh doubt him, but Tejas and Roshni enjoy seeing him suffer.


New on TV today: Thursday 14 August 2025

Returning shows include Match Me Abroad on TLC and Girl Meets Farm on Food Network.


Companion pack! New isiZulu-dubbed Bollywood channel Star Khanya

The 411 on the shows and times when the channel debuts on DStv and Openview.


Yosef Teasers - September 2025

Kiraz is fighting for her life - but Erdal wants to finish what he started...

LATEST SITE ACTIVITY


More activity at TVSA Central



,

LATEST SOAPIE TEASERS



,

LATEST SOAPIE TEASERS





×
×

You browser doesn't have Flash, Silverlight, Gears, BrowserPlus or HTML5 support.